UVELE WALIPHOSA ITHAWULA U-ANDREA JOHNSON


SIZWE BLOSE 

Umphathi we IDAC usevele waliphosa ithawula ngokuthi avele esule emsebenzini. U-Andrea Johnson kulezi zinsuku ubekwiMadlanga Commission emveze obala ukuthi ubengasebenzi ngokweqinisi kodwa bekunokwenzelela ekusebenzini kwakhe. IMadlanga Commission ikuveze obala lokho, wabona kufanele ukuthi esule. Abaningi bagcina ukumbona kwi Ad Hoc Committee ePhalamede lapho umholi we-EFF agcina embiza ngoWinnie Mandela. Kucacela noma ubani ukuthi kwakuzidlalelwa nje ngaleya Ad hoc committee.