UVAVI WESEKA UMBEKI EKUTHENI ILOADSHEDDING INTO YAMABOMU


Lowo owayengumengameli wezwe, uThabo Mbeki umile kwelokuthi ukunqamuka kuka gesi (loadshedding) bekuyinto eyenziwa ngamaboma. 

Ukunqamuka kukagesi yinto eqale ngo 2008.
Unobhala Jikelele weSafta, uZwelibanzi Vavi usefakazele uMbeki ngokuthi, yiqiniso indaba yokuthi ukunqamuka kogesi yinto eyayihlelwe abathize ukuzicebisa bona.

 "Ngalesi sikhathi izwe lakisezandleni zikaMengameli Jacob Zuma. Asazi noma lokhu kwakuyingxenye yekuqhwagwa kwamandla ombuso (State Capture) nokwakuyindlela yokuzicebisa kwabathile,"kubeka uVavi.

Uphinde waseka umbono wakhe ngokuthi, kunophenyo olwenziwa abe Special Invistigative Unit (SIU) ngalolu daba. Uthi ukhona umbiko kodwa kuze kube yimanje uhlezi ehhovisi likaMengameli Cyril Ramaphosa. "Asiqondi ukuthi kungani engawudedeli lombiko. Asazi noma naye uyathinteka yini, kimbe kukhona abavikelayo, asazi ngempela. Kodwa esikwaziyo ukuthi iloadshedding kwakuyinto yamabomu," kuphetha uNobhala weSaftu.