UVAVI UTHI ALUSUKUNYELWE ELOKUNGABIBIKHO KOMSEBENZI
SIZWE BLOSE
UNobhala Jikelele weSaftu, uZwelibanzi Vavi uthi isimo sokuswelakala kwemisebenzi kuleli sesifana nebhomu engaqhuma noma kunini.
UVavi uveze lokhu ngemuva kokuphuma kwezibalo zakamuva zabantu abangasebenzi zekota yesibili.
UVavi uthe, siyadabukisa isimo sakuleli, uthi umnotho awukhuli. Uveze ukuthi okubuhlungu ngokunganyuki kwesimo somnotho nokungasebenzi kwabantu kunamehlo. "Abantu abangasebenzi kuyaye kube abantu abamnyama, kulesi simo akukhulunywa ngabelungu kusuke kukhulunywa ngabantu abamnyama,"kusho uVavi.
Abe Statistics South Afrika bathe ukungaseben?I kwabantu kwenyuke 33.6% kulekota yesibili ka 2026, isuka ku 32.7% kwi kota yokuqala. Lokhu kusho ukuthi abantu abangasebenzi balinganiselwa ku 8.5 million.