UTRUMP UZOZILAWULELA IMALI YA OYELA WASE VENEZUELA


Umengameli wase United States of America, uDonald Trump, usevele wakucacisa ukuthi ukuhlasela kwakhe iVenezuela kumayelana no eyelashes hhayi izidakamizwa.

Lokhu kuvele esitatimendeni asenze ezinkundleni zokuxhumana. Uthe njengamanje sebezolawula i30 -50 Barrels of high quality oil wase Venezuela. Uthe imali ezotholakala lapho izoza eMelika kanti izokube ilawulwa uyena uqobo.

Baningi ebebekhala ngokuthi uTrump uhlasela iVenezuela egameni lokuthi lelizwe lisabalalisa izidakamiza eMelika kanti ufuna u-oyela wase Venezuela.

Kuzokhumbuleka ukuthi iDelta Force yakhona eMelika igasele eVenezuela yafika yabopha uMengameli wakuleliya lizwe uNicolas Madura. Ihambe naye yaya eNew York lapho eboshelwe khona. Uvelile enkantolo lapho ethe akanacala.

Kuyinto eyejwayelekile ukuthi uma iMelika ifuna okuthize ezweni elithize ivele ibeke ezinye izizathu. Isibonelo, Ike yahlasela e-Iraq ngoba ithi kunezikhali zembhubhiso, kanti yayingekho leyonto yayizifunela umnotho wase Iraq. Ike yenza okufanayo ngesikhathi ihlasela uSaddam Hussein, eKuweit, uMuammar Gadaffi eLibya, eNingizimu Afrika uke wabelesela ukuthi kubulawa abamhlophe, yize etshelwa ukuthi ayikho leyonto.