UTRUMP USEGUQULE UMQONDO NGE G20


Umengameli waseMelika, uDonald Trump usebuye washintsha umqondo ngokuza eNingimu Afrika, kwiG20 eqala ngomhlaka 22 kuya ku 23 November 2025 eGoli. 

Phambilini ubesho ukuthi yena siqu sakhe  akezi kodwa uzothumela  iphini lakhe. Usekushintshile kwalokho wathi akekho umuntu ozomela iMelika kwi G20, wathi kwaNingizimu Afrika akumele engame iyilungu leG20.

Kwenzeka lokhu nje iMelika iyona okumele isingathe iG20 elandelayo, kumele engabe ithatha izintambo kwiNingizimu Afrika.

Kuyacaca ukuthi ithimba elaliholwa uMenganeli Cyril Ramaphosa lahluleka lancama ukumjika umqondo, ngokuthi kuleli kubulawa amabhunu. Nomengameli uke wabelesela ngokuthi, uke wathinta uTrump ocingweni. Kusho ukuthi kwalezo zingcingo bekungena ngapha kuphume ngapha kuTrump.