UTHOLWE ENECALA UMALEMA


SIZO BLOSE 

Umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema utholwe enecala lenkulumo enenzondo nengaholela ekuhlukunyezweni kwabanye abantu. 

Lesi sinqumo sikhishwe yiNkantolo yezokulingana (equality court) uJaji Mark Sher.

Lesi sinqumo siza ngemuva kwenkulumo uMalema ayethula ngo-October ka 2022 khona eWestern Cape.

IKhomishana yamalungelo abantu iyona eyabe seyifaka isimangalo. UMalema wathi uma ulwela inkululeko noma ungumzabalazi, ukubulala kuyingxenye yempilo yakho. Waphinde waphawula kabi ngabamhlophe kuwona lomcimbi.

IDA esitatimendeni esithumele abezindaba, ithe ikuthokozela kakhulu okwenziwa yikhomishana yamalungelo kanye naleli lungu lomphakathi abavulela lomholi icala.
Ithe yona kudala ikukhuza ukukhuluma kwalolu, hlobo kulomholi, isho ukuthi akwemukelekile.

Sekubhekeke ukuthi uMalema uzohlawuliswa kanjani.