UTHENJIWE UBASHIYE BENGAWUVALI UMLOMO NGAMAHLAYA AKHE EZAMBIA


Wemukelwe ngezandla ezimhlophe eZambia usomahlaya wakuleli osezinze eLondon, nosephinde wazenzela udumo kulolonke leli ngamahlaya.

Kulokhu uThenjiwe ubededela amahlaya kwiZed Laugh Festival, nebeyenziwa yiNight of Laughter. 

Okufike kwaphawuleka kakhulu kulomcimbi kube ukuthi uThenjiwe  bekunguyena kuphela obekungusomahlaya wesifazane kanti ufike washaya into eseqophelweni eliphezulu.

Ezibongela uThenjiwe, uqale ngokubonga abeMzansi Golden Economy (MGE) nokuyibona abathathe iThenjiwe Unplugged bayiyisa kubantu abahlukahlukene umhlaba wonke.
Uthe ngokwesekwa yibona usehambele eDublin, Ireland, Lighthouse Theatre eLondon nakwezinye izindawo. "Okumnandi ngalama shows, amathikithi adayisa aphele," kusho uThenjiwe.

 Umhleli weNight of Laughter uChingilis uthe ukuba noThenjiwe yinto abangasoze bayilibala ngoba kube yinto enkulu kakhulu kubona.
"UThenjiwe ukubeke kwacaca ukuthi ukuba uSomahlaya akuyona into yamadoda kuphela nabo bakhona njengabantu besifazane. Kanti lokhu kuzovulela nabanye besifazane amathuba."

 UThenjiwe uphethe ngokuthi, ukuba seZambia kumkhumbuze ukuthi kungani enza lomsebenzi. Wathi uzizwa ethobekile ngokuthi kube uyena kuphela owesifazane obekulomcimbi.