UTEBOHO UBONGE UTAU EHLANGANISA IMIDLALO ENGU 50 KWIBAFANA
UMDLALI weBafana Bafana uTeboho Mokoena ubonge uPercy Tau, ebungaza imidlalo engu-50 eqenjini lesizwe.
UMokoena uveze lokhu ngemuva komdlalo wesihle weBafana neZambia, izolo eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha. Lapho iqembu lesizwe lakulele linqobe ngo 3-1.
Amagoli eBafana ashawe u-Oswin Appollis, Mohau Nkota noSiphephelo Sithole, kwathi eleZambia lashawa uJoseph Sabobo.
"Ngiyajabula ukuthi sekuze kwafika lana, akukho kuncane ukudlala imidlalo engu-50 eqenjini lesizwe. Ngithanda ukubonga uPercy Tau ngokungikhuthaza. Ngisho engekho lana kodwa likhulu iqhaza alibambile ukuze ngigcine ngithole ithuba elanele kwiBafana Bafana,"
UMokoena ungomunye wabadlali abayizethenjwa eqenjini lesizwe eliholwa umqeqeshi uHugo Broos. Kuzokhumbuleka ukuthi uMokoena waqala ukugijima kwiBafana ngesikhathi sikamqeqeshi uStaurt Baxter.
Lo mdlalo weBafana ubuyingxenye yokulungiselela imidlalo ye-AFCON ezoba se Morocco ngenyanga ezayo(December).