USOMLOMO UCHITHE IVOTI ELIYIMFIHLO
Ihhovisi likaSomlomo, uNontobeko Boyce, lithathe isinqumo sokuchitha udaba lokuthi kuvotwe ngokuyimfihlo.
Kuzokhumbuleka ukuthi namhlanje eSishayamthetho kudingidwa udaba lokungabuthembi ubuholi baNdunankulu, uThami Ntuli.
Ebeka izizathu zakhe uSomlomo uthe, akaboni bungozi ekutheni kuzotwe ngokuvulekile. "Kubalulekile ukuthi konke okwenzekayo kucace bha, abantu baseNingizimu Afrika bazibonele okwenzeka eSishayamthetho," kubeka uSomlomo.
IMKP ikhale ngokuthi ifuna kuvotwe ngokuyimfihlo ngoba vele sebeqalile ukusatshiswa, babe sebephimisa nezinhlamba asebethukwe ngazo.
Kusazoba nomhlangano oyinguyazana noSotswembu kube sekuyavotwa.