USOMAHLAYA UTHEMBISA INTO YAMEHLO KOKATHENJIWE UNPLUGGED
LINDOKUHLE NGCOBO
UZOVEZA okuhlukile ngaye esiteji usomahlaya, uThandokwakhe "Thando Comedy" Mseleku, emcimbini wokwamukela usomahlaya waKwaMashu osezinze e-United Kingdom, uThenjiwe Moseley, iThenjiwe Unplugged ePlayhouse, eThekwini mhlaka 3 October 2025.
Lo mcimbi wezinsuku ezimbili uzoqhubeka eThe George Hotel, eSwazini ngomhlaka 4 October 2025.
UThando Comedy utshele iNews Avenue ukuthi uzoqhulula amahlaya amasha kulo mcimbi.
"Abantu bangalindela ukubona uhlangothi lwami engingakaze ngaliveza ezweni phambilini.
Bayomangala khona ngoba abaningi bayazibuza ukuthi ngizobe ngenzani esiteji ngoba bangazi ngiwumuntu omningi emsebenzini wamavidiyo asezinkundleni zobuchwepheshe besimanje," kuchaza uThando Comedy.
Eqhuba udalule ukuthi lo mcimbi uzoshiya abantu bemangele njengoba uzobe uqukethe amahlaya abazowahleka unyaka wonke. Wathi zibeningi izimo izwe elibhekene nazo, ezeseka ngelithi lo mcimbi uyinto abantu abayidingayo ukwehlisa ukucindezeleka.
Abanye osomahlaya abazoba kwiThenjiwe Unplugged, uFlymotion noMdura. Amathikithi atholakala eWebtickets naseMoja Tickets abiza inani lika-R200.