USOBISHINI OSOLWA NGOKUBULALA USOMABHIZINISI WASE GAUTENG


Lindokuhle Ngcobo 

KUBHIMBE uhlelo kumsolwa oneminyaka engu 30 ubudala, okukholakala ukuthi ubecashe eMtubatuba.

UMinenhle Mthembu(30) uvele kafushane enkantolo yeMantshi yaseMtubatuba izolo, ngoLwesine mhlaka 12 February 2026. Ubhekene(uMthembu) necala lokudubula abulala usomabhizinisi waseGauteng, uMnuz Marumo Eric Phenya, oyimpimpi yethenda kahulumeni waseGauteng, eyakhwabaniswa.

UPhenya wabulawa ngoyaba lwezinhlamvu ebuya ukuyoshiya izingane zakhe esikoleni, iRoodeport ngomhlaka 17 October 2022. Ngaphambi kokuba abulawe(uPhenya) umkakhe wayekade ethole izinsongo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda ukuqinisekisile ukubanjwa kukaMthembu, oboshwe ngomhlaka 10 February.

"Amaphoyisa aseGauteng atshele amaphoyisa aKwaZulu-Natal mayelana nomsolwa ofunekayo. Amaphoyisa aKwaZulu-Natal athole umkhondo wokuthi umsolwa ucashe eMtubatuba, abe esenikela khona, nebala amthola umsolwa waboshwa. Umsolwa udluliselwe emaphoyiseni aseGauteng nokuyilapho kuzoqhubeka khona ukuqulwa kwecala lakhe," kubeka uNetshiunda.