USIZWE YI SOCIAL MEDIA OBEHLUKUNYEZWA YISOKA
Lindokuhle Ngcobo
KUMSIZILE ukuphumela obala ngokuhlunyezwa kwakhe yisoka, owesifazane oneminyaka engu-31 ubudala. UNksz Sinenhlanhla Nenezana Mthembu ongusomabhizinisi, ugonyuluke ezinkundleni zokuxhumana ngokuphathwa kabi yisoka lakhe, waze wafaka izithombe zakhe elimele.
Lona wesifazane usola amaphoyisa asesiteshini saseMlazi ngokushaya indiva icala alivule ngoLwesihlanu mhlaka 9 January.
Ngemuva komsindo osuke ezinkundleni zokuxhumana mayelana nalesi sigameko, amaphoyisa aKwaZulu-Natal (KZN) adalule ukuthi asebophe umsolwa oneminyaka engu-24 ubudala ngecala lokushaya intombi yakhe nokulimaza imoto yayo.
Okhulumela amaphoyisa aseKZN uColonel Robert Netshiunda uveze ukuthi ngokuthola kwabomthetho, lesi sigameko sodlame lwasekhaya senzeke ngoLwesihlanu kwa-V eMlaza. Wathi kukholakala ukuthi umsolwa wabizela umgilwa endlini yakhe (umsolwa) ukuze ezolanda izimpahla zakhe(umgilwa).
"Ngesikhathi umgilwa efika, kusolakala ukuthi umsolwa washaya umgilwa ngepayipi wamluma ngamazinyo. Waphinde wamshaya nangezandla. Kutholakale ukuthi umgilwa wabaleka waya emotweni kodwa umsolwa wamlandela(umgilwa) walimaza iwindi elingemuva lemoto, " kuchaza uNetshiuda.