USIZI KU MPOFU INKANTOLO ICHITHA ISICELO SEMKP
SIZO BLOSE
Usizi nendumalo kuvele kwabhalwa ebusweni buka Adv Dali Mpofu ngesikhathi inkantolo yomthethosisekelo ichitha isicelo seMKP.
Iqembu likaMnuz Jacob Zuma belifuna kuchithwe indaba yokumiswa kukaNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu.
ULT-GEN Nhlanhla Mkhwanazi esithangabini nabezindaba wadalula ukuthi kunenkohlakalo enuka phu emaphoyiseni kanti nongqongqoshe uMchunu uyambhandakanyeka.
Lezi zinsolo zasusa umsindo zaholela ekutheni uMengameli Cyril Ramaphosa abize isithangami sabezindaba nokuyilapho athatha khona isinqumo sokuthi uMchunu kuzomele ahlabe ikhefu eliyisipesheli kodwa uzoqhubeka nokuba yilungu lephalamende futhi uzohola imali egcwele.
Lokhu akwehlanga kahle kwi MK ngoba yayifuna uMengameli amkhombe indlela uMchunu. Kwelinye uhlangothi umengameli wavula ikhomishini ezophenya ngakho konke okwabekwa uMkhwanazi esithangabini sabezindaba.
Ibe seyiluthatha (MK) lolu daba yaluyisa enkantonto yomthethosisekelo nokuyilapho ehluleke khona.
UMpofu ngokwakhe ukubeke konke etafuleni obekuchaza ukuthi isinqumo sikaMengameli ngokwabo asikho emthethweni. Njengamanje kunongqongqoshe ababili bomnyango wamaPhoyisa, abahola ngokugcwele.
IMK iveze ukuthi isazohlangana ithathe isinqumo sokuthi iya kanjani phambili ngalolu daba.