USIHLALO WE ANC UYILAXAZE PHANSI
SIZO BLOSE
USIHLALO we-ANC esifundazweni iLimpopo, uMnuz Stanley Mathabatha, uyilaxaze phansi lenhlangano.
Isinqumo sikaMathabatha sethuse abaningi njengoba eke waba uNdunankulu omele yona i-ANC eLimpopo.
Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba sasayindwa nguyena uqobo uMathabatha, ukhala ngokuthi lenhlangano igudlukile ezimisweni zayo. Waqhubeka wathi yena sekunzima ukuthi azihlanganise nalenhlangano.
Kuzokhumbuleka ukuthi uMathabatha uke wathishwa njengomunye ozongena ebuholini baleli qembu kwingqungquthela yokugcina yokukhetha ubuholi obusha be ANC, okugcine kungenzekanga.
Waseka ababehambisana noCyril Ramaphosa kodwa ngemizuzu yokugcina waguquka waseka owayeyimbangi kaRamaphosa uDkt Zweli Mkhize.
Esitatimendeni akuveli ukuthi uMathabatha usezokwenzani.