USIBIYA UYAZIHLANGULA KWEYOKUHLAKAZWA KWE PKTT
IPHINI likaKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke osamisiwe uLieutenant General Shadrack Sibiya, uthi wayengazi ngohlelo lukaNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke osamisiwe uMnuz Senzo Mchunu, lokuhlakaza uphiko lamaphoyisa oluphenya ngokubulawa kosopolitiki(PKTT).
USibiya uveze lokhu namuhla njengoba ethula ubufakazi kwiKhomishana kaJaji Madlanga, ePitoli. Nakuba uSibiya ethi wayengazi ngohlelo lokahlakaza kwePKTT, kodwa udalule ukuthi asikaze simangaze isinqumo sokuhlakaza iPKTT.
"UKhomishana wamaPhoyisa kuleli uGeneral Fannie Masemola wayazi ngokuhlakazwa kophiko eliphenya ngamacala okubulawa kosopolitiki. Ukuhlazwa kwe PKTT ngezinye zezinto ezadingidwa emhlanganweni wango mhlaka 1November 2024," kubeka uSibiya.
USibiya usolwa ngokuba nesandla ekuhlakazweni kwePKTT nokusebenzisana nezigebengu eziyingozi. Lezi zinsolo zivezwe uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi ngoJuly 2025.