USIBIYA UPHUMELE OBALA NGOKWAMQHATHA NOMKHWANAZI



IPHINI likaKhomishana wamaphoyisa kuzwelonke uLieutenant General Shadrack Sibiya, usephumele obala ngengxabano yakhe noKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi. 

USibiya uphumele obala kwi-Parliament's Ad hoc Committee ephenya ngenkohlakalo esemaphoyiseni namuhla eKapa.

"Sasizwana noMkhwanazi, saqala ukungaboni ngaso linye ngemuva kokuboshwa kwabasolwa ecaleni lokubulawa kuka-AKA. UNgqongqoshe uBheki Cele wayefuna ukwazi ukuthi kuboshwe abafanele ecaleni lika-AKA," kuchaza uSibiya.

Eqhuba uSibiya uthi wakhuluma noMkhwanazi  mayelana nabasolwa ababoshelwe ukubulala umphrepha wakuleli u-AKA. Nokuyilapho uSibiya athi baqale ukungahoshelani kahle khona.

USibiya uphinde watshela leli komidi ukuthi uphiko lwamaphoyisa eliphenya ngokubulawa kosopolitiki,  kwakumele libike kuye kodwa kwangenzeka lokho. 

Wathi kuyamxaka ukuthi kungani uMkhwanazi ekhathazeka ngokuhlakazwa kwalolu phiko ngoba akaze aphakamise ukuthi livulwe.