USHIVAMBU USECULA ELINYE ICULA NGE-MK PARTY
LINDOKUHLE NGCOBO
KUSHINTSHILE ukudla epletini, uMnuz Floyd Shivambu obenguNobhala weMK Party egxeka leli qembu ahlubuke kulo.
UShivambu osengumholi weMayibuye ubekhuluma eThekwini izolo ngesikhathi ephothula umhlangano wokuxhumana nomphakathi, njengoba egcina ngokuvakashela isifundazwe iKwaZulu-Natal(KZN).
Ekhuluma kulo mhlangano uShivambu uchithe izinkulumo ezithi, iMayibuye ihlubuke kwiMK Party.
"Akuyona inhlangano ehlubuke kwi-EFF, akuyona inhlangano ehlubuke kwi-ANC, inhlangano ezakhe ngokuzimela, izobankulu konoMkhonto weSizwe(MK) Party, izobankulu kune-EFF, izobankulu kune-ANC. Akumele kubekhona omunye wethu ozothatha le nhlangano njengehlubuke emaqenjini amancane," kuchaza uShivambu.
Uqhube wathi abantu baseNingizimu Afrika abangakhathazeki uma engekho amalungu eMayibuye ajoyine leli qembu esuka kwiMK Party.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngesikhathi uShivambu ephuma kwiMK Party, waveza ukuthi akasoze akhuluma kabi ngaleli qembu eliholwa ilowo owayenguMengameli kuleli uMnuz Jacob Zuma, wakhala ngabathize abasondelene noZuma abamenzela phansi.
Ngengoba uShivambu owayeyiPhini likaMengameli we-EFF esevakashele zonke izifundazwe zakuleli ukuxoxisana mayelana neMayibuye. Uveze(UShivambu) ukuthi umphakathi ufuna iMayibuye ingenele ukhetho lukahulumeni wasemakhaya luka-2026.