USHESHE WAFIKA UKHISIMUZI KWIZAGUGA ZASENKANDLA
INJABULO kubantu abadala baseZibisini, eNkandla bethola izipho zikaKhisimuzi, izolo emcimbini wokubabonga(abantu abadala), eNkantolo yeNkosi KwaChwezi.
Lo mcimbi wokugubha izimpilo zabantu abadala abangu-30 nokubafisela ukhisimuzi omuhle ubuhlelwe inhlangano engenzi nzuzo iNkungumathe eNPO.
Omunye wabahlomulile uNkk Thabisile Mthethwa oneminyaka engu-64 ubudala, uthe uswela amazwi okubonga. Wadalula ukuthi ubengenawo ukhisimuzi njengoba emndenini wakhe kungekho osebenzayo.
"Ngiyabonga kakhulu abangenzele khona namhlanje, sithole ukhisimuzi omuhle. Ithi inhliziyo yami nalapho okungenaqhude khona kodwa kuyasa," kubeka uNkk Mthethwa.
Inkosi Mbongiseni Sibisi, yesizwe sakwaSibisi idalule ukuthi lezi zipho zizokwenza umehluko.
"Baningi abazolala bedlile ngoba imizi emningi iyantula lana. Amathuba awekho lana endaweni yakithi, ububha kusixakile," kubeka Inkosi uSibisi.