USHAYISWE IMOTO OSOLWA NGOKUZIGQEKEZA
LINDOKUHLE NGCOBO
Kushone umuntu osolwa ngokugqekeza iwindi lemoto emgwaqeni. Kulandela ukushayiswa imoto edlulayo ngesikhathi ezama ukubalekela ngaphesheya komgwaqo omkhulu u-N2 endaweni yaseNyanga, eKapa namhlanje.
Kuvela ukuthi lo msolwa ushaye iwindi lemoto ngesikhathi izimoto zihamba kancane ngenxa yesiminyaminya. Ube (umsolwa) eseqhwaga izinto ezingaphakathi emotweni maqede wajomba unqenqema lomgwaqo ezama ukubaleka. Ngokusho kweSuburban Control Centre, ngesikhathi enqamula lo mgwaqo ophithizelayo, ungene phambi kwezimoto ezizayo nalapho eshayiswe khona ngenye yezimoto ebezidlula.
Abosizo lokuqala baphuthume endaweni yesigameko, bafike baqinisekisa ukuthi useshonile ngenxa yokulimala kanzima akutholile.