USEZOGXILA EMCULWENI OLAXAZE UMKHAKHA WOKULINGISA




UMLINGISI Nirvana Nokwe Mseleku odabuka KwaMashu, eThekwini usethathe isinqumo sokushiya indima yokulingisa. Lokhu kulandela ukuphumela obala ngokuhlukunyezwa ngokocansi nokwephulwa kwemigomo yakhe, ngesikhathi kuqoshwa umdlalo iRed Ink ngonyaka ka 2023. Kulo mdlalo okhiqizwa iBomb Productions nowawusakazwa kuShowmax, uNirvana ubelingisa noBonko Khoza, odlala indawo kaNapoleon.

UNirvana utshele iNews24 ukuthi imigomo yakhe yephulwa ngesikhathi kuthathwa izithombe zesenzo esibucayi. Nokho leyongxenye ayibange isavezwa.

"Ngifake izikhalo ngokusemthethweni kubaphathi bokukhiqiza ngendlela lesi simo esasingaphethekile ngayo. Ngithathe isinqumo sokushiya ekulingiseni ngenxa yalesi sigameko nokungagculiseki ngendlela abaphathi abasingathe ngayo udaba lwami," kubeka uNirvana.

Le ntokazi yakwaMashu ithi isibuyele emculweni, okuwuthando lwayo lokuqala. Yadalula ukuthi ithathe isinqumo sokuzimela emsebenzini wayo.