USEZOGXILA EBUFUNDISINI OLAXAZE I-ACTION SA


Umholi we-Action SA usezilaxaze phansi izikhundla ebenazo kuleli qembu.

 Engxoxweni ekhethekile neNews Avenue, uMfu Musa Kubheka uthe, besesifikile isikhathi sokuthi aqondane nempilo yakhe ngqo ngaphandle kokuncika kwabanye abantu.

Uvumile ukuthi kuyiqiniso ukuthi uyashiya ekubeni usihlalo waleli qembu kwisifunda iTheku kanti futhi useshiyile njengekhansela lomkhandlu elimele i-Action SA kuMkhandlu iTheku.

Uthe akagcinanga ngokushiya kwi politiki kuphela lapho esezoba yilungu nje. Kodwa useshiyile nakwibandla likaBhishobhi Dube, i-Ethekwini Community Church nabesehlale kulona iminyaka engaphezulu kuka 20.

"Empeleni sengisungule ibandla lami, iPinetown Community Church. Siyanxusa ukuthi abazalwane beze bazosijoyina kumbe basithinte uma befuna imininingwane ngebandla," kulandisa uMfu Kubheka.

Kuzokhumbuleka ukuthi kwangenelela yena ngesikhathi i-ActionSA inezinkinga kusekhona uDkt Makhosi Khoza, wathi uma esuswa kwaqokwa yena, njengozohola kuMkhandlu emele i-Action SA.
Okhulumela leli qembu uSanelisiwe Zuma uvumile ukuthi useshiyile uKubheka wathi sekusele afungiswe kuphela lona ozongena esikhundleni sakhe. "Njengeqembu simfisela konke okuhle uKubheka enyathukweni azoyithatha," kubeka uMaZuma ngamafuphi.