USEZIPHENDULELE UMSAKAZI OTHINTEKA EKWEBENI IMALI
Sizwe Blose
Umsakazi owenza uhlelo lwasekuseni kwiRadio 2000, usephawulile ngokumbandakanyeka kwakhe kwiMadlanga Commission.
UDJ Sbu Leope izolo, u-Adv Kemi Behari uveze ukuthi (DJ Sbu) beno Thembinkosi "TK" Nciza, obengu Nobhala we-ANC eGauteng, bazuza kakhulu ekuntshontshweni kwezimali zomkhandlu waseku-Rhuleni.
UDJ Sbu usephumele obala wathi uyasukelwa futhi kuzanywa ukungcolisa igama lakhe ngalezi zinto abekwa zona kwiMadlanga Commission.
Uthumele isitatimende eziqhathulula kukhona konke asolwa ngakho. Ube esexwayisa nabezindaba ukuthi bacophelele uma bebika lolu daba. Okungacacanga kulesi sitatimende ukuthi zikhona yini izinyathelo zomthetho azozithathela abathize ngalolu daba.