USETHI KHUMU UNOZINTI WE DURBAN CITY
UNOZINTI weDurban City FC uDarren Keet(36) waseKapa, usememezele ngokusemthethweni ukuthi uzothatha umhlalaphansi ebholeni elikhokhelwayo ekupheleni kwezisini ka 2025/26.
UKeet uthathe lesi sinqumo ngemuva kokunqoba indebe yeNedbank Cup neDurban City FC, lapho iCity ihlule khona iTS Galaxy FC ngo 2-1 kowamanqamu obubanjelwe eNew Peter Mokaba Stadium, ePolokwane ngoMgqibelo.
"Kuhle ukuhamba usesezingeni eliphezulu. I-Nedbank bekuyindebe yami yokuqala kule sizini futhi kuzoba ngeyokugcina. Isinqumo ngisithathe ngokubonisana nomkami. Sifuna ukubuyela emuva siyohlala eKapa," kubeka uKeet ojoyine leli qembu laseThekwini, esuka kwiCape Town City FC ekuqaleni kwale sizini.
UKeet ungomunye wonozinti abavelele kule sizini, uqale ukudlala ebholeni elikhokhelwayo kwiVasco Da Gama, wadlulela kwiBidvest Wits ngonyaka ka 2008, nokuyilapho anqobe khona okokuqala indebe yeNedbank Cup ngesizini ka 2009/10. Ngonyaka ka 2011 uKeet uwelele phesheya kwezilwandle wayogijima eqenjini laseBelgium iKV Kortrijk. Nokuthe ka 2016 lo nozinti waseKapa wabuyele kwiWits, wanqoba nayo isicoco seligi nendebe yeMTN 8 ngesizini ka 2016/17.
UKeet udlalile naseqenjini lesizwe iBafana Bafana, adlale kulo umdlalo wakhe wokuqala ngoSeptember 2013, ebhekene neZimbabwe.