USESELE YEDWA UTHANDEKA KU BBM


Uqumbeke phansi u-Ashay namhlanje kwiBig Brother Mzansi. 

Lokhu kulandela ukuthi kube nguyena othole amavoti amancane. 

Ngakolunye uhlangothi, uSmash Afrika ongumphathi wohlelo usheshe wacacisa ukuthi uDidi uya kowamanqamu ngesonto elizayo, ujoyina uThandeka, Trixie noLiema.

Uphuma nje u-Ashay usanda kugila izimanga ngokuwina iHead of House position amahlandla amathathu kulandelana.

UBig Brother uphinde wakhipha uMmeli endlini yakhe. Abantu abaningi sebelindele ukuthi kuzokwenzekani kuThandeka njengoba ebehlezi enoMmeli.

Kuzocaca ngesonto elizayo ukuthi ubani ozogoduka noR2 million phakathi kwaThandeka, Que, Bravo B, Liema, Didi no Trixie.