USEQOME UKUSHENXA UGIGABA KWI-ANC NGUMA KOKUVELA ENKANTOLO NGENKOHLAKALO
Useqome ukushenxa emisebenzini ethinta inhlangano yakhe (ANC) uDkt Malusi Gigaba.
Lokhu kulandela inkohlakalo ebeyenzeka kwaTransnet ngesikhathi esenguNgqongqoshe wezamaBhizinisi kaHulumeni.
Kuzokhumbuleka ukuthi uGigaba obebuye ahlanganiswe nomndeni wakwaGupta owaphuma ngesamagundane kuleli ngenxa yenkohlakalo ulilungu lesigungu esiphezulu se-ANC.
UGigaba kuzomele abhekane nezinkinga zakhe, uma etholakala emsulwa, uzobe esebuyela ekusebenzeleni inhlangano kube sekuya ngokuthi imjuba kuphi.