USENKANTOLO OWAMAQEMBU EBHOLA


Lindokuhle Ngcobo 

USENKANTOLO umbango wesitifiketi sokudlala kwiPSL Betway Premiership, ophakathi kweMoroka Swallows neMarumo Gallants.

Lokhu kulandela ukuthi iGallants ithole incwadi, evela enkantolo eyiyalalela(Marumo Gallants) ukuthi ibuyisele isitifiketi kwiSwallows. Kuzokhumbuleka ukuthi iBahlabane Ba Ntwa, ithenge isitifiketi sokudlala esigabeni esiphezulu kwiThe Dube Birds ngaphambi kokuqala kwesizini ka 2024/25.

Namuhla iGallants ikuqinisekisile ukuthi ithole incwadi evela enkantolo mayelana neSwallows. 

"Njengamanje akukho esizokukhuluma emphakathini noma kwabezindaba ngoba lolu daba luphambi kwenkantolo. IMarumo Gallants FC iyawuhlonipha umthetho, sizoyeka umthetho udlale indima yawo. Sithanda ukuqinisekisa kubalandeli bethu, abaxhasi nezinhlaka ezisebenzisana nazo, ukuthi umsebenzi uyaqhubeka ngendlela ejwayelekile," ngokusho kweGallants esitatimendeni.