USENEQEMBU LAKHE OSANDA KWESULA KWI MKP
SIZO BLOSE
Usesungule iqembu elisha osanda kwesula kwiMK Party.
UMnuz Floyd Shivambu umemezele i-Africa Mayibuye Movement njenqembu elisha lezepolitiki.
Uthe yena unguMengameli wokuqala waleli qembu. Kuzokhumbuleka ukuthi uShivambu waxoshwa njengelungu le-ANC, ngaleso sikhathi wayekhulumela i-ANCYL.
UShivambu uxoshwe ngesikhathi uMholi we-EFF uJulius Malema enguMengameli we-ANCYL.
Babe sebevula iqembu labo i-Economic Freedom Fighters. UShivambu ube iphini likaMengameli we-EFF kwaze kwaba uthusa abaningi ngesimemezelo sakhe sokushiya kwi,EFF esejoyina iMKP njengo Mgqugquzeli kuzwelonke.
Akahlalanga isikhathi eside kuleso sikhundla wagcina enguNobhala weMK.
Nakhona ugcine eshiya njengoba esevule iqembu elisha.
Ngaphambi kokulivula uhambele zonke izifundazwe ezazisa ngaleli qembu.