USEBENZISA UMCULO UKWALULEKA NGOTHANDO NOKUQHAKAMBISA ISINTU
UMCULI we-Afro,6 RnB & Soul uSibusisiwe "Siibu" Shangase usebenzisa umculo ukuxoxa izindaba, uthando nokuqhakambisa isintu sakwaZulu. Le ntokazi yaseThekwini idume nge-EP yokuqala, ethi "A Zulu Lover Girl". Ezinye zezingoma zika Siibu ezaziwayo kubalwa i-Needy, Iduku, Ngiyeza neBuya.
Utshele iNEWS AVENUE ukuthi uqale ukucula esontweni, nokuyilapho umculo wokholo wakhanda iphimbo lakhe wakwazi ukudlulisa umlayezo onamandla.
"Ngikhuthazwa kakhulu ukuba nofuzo lokuxoxa izindaba, engasheshe ngaluthola ngenxa yokusebenzisana kukamama noMbongeni Ngema ongasekho emhlabeni. Ngikhule nginephimbo elithambile kodwa elinamandla," kuchaza uSiibu onesizinda kwezemidlalo yeshashalazi(theatre).
Njengoba uSiibu eqeqeshwe ngu-Edmund Mhlongo KwaMashu Community Advancement Projects, ngaphakathi kwi-Ekhaya Multi Arts Centre. Nokuyilapho uSiibu wathola ithuba lokulingisa umdlalo iSarafina, eyabhalwa uMbongeni Ngema noNandi. USiibu waphinde wadlala umdlalo iThe Musical, ebhalwe uMhlongo, eThe Playhouse Company. Lokhu kwakhulisa kakhulu ikhono lakhe(Siibu) lokulingisa kwamenza, wafinyelela emdlalweni waku- eTV iSmoke and Mirrors.
USiibu uhlele ukwenza umcimbi wakhe wokuqala, obizwa ngokuthi iSiibu Presents A Zulu Lover Girl, ngomhlaka 25 April 2026, eHue Cafe, eThekwini.