USAZOBHADLA ESITOKISINI UMATLALA
LINDOKUHLE NGCOBO
INKANTOLO yeMantshi yase-Alexandra, eGoli, yale yaphetha ukunikeza uVusimuzu "CAT" Matlala ibheyili.
Kulindeleke ukuthi uMatlala abuyele eNkantolo mhlaka 7 October. UMatlala osagcinwe esitokisini, ubhekene necala lokuzama ukubulala loyo ayethandana naye uTebogo Thobejane, elokushushumbisa imali nelokuba ungqondongqondo ecaleni lokubulala.
Ummeli walo msolwa ukhale ngokuthi leli cala alinabo ubufakazi obuphathekayo. Wasola inkantolo ngokuzama ukubophela lo msolwa amanqina enyathi.
Kuzokhumbuleka ukuthi uMatlala ungomunye wabantu abavelayo ezinsolweni ezivezwa uKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi azenza ngoJuly 6 wakulo nyaka.