USALE ENKUNDLENI UMSOLWA BEDUBULANA NAMAPHOYISA
NGEKE esakubona ukushona kwelanga lanamuhla, umsolwa odutshulwe ngamaphoyisa wafa namuhla eVerulam, enyakatho neTheku.
Lesi sigameko senzeke ngemuva kokuthi abasolwa ababili bedune imoto eCornubia.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda usiqinisekisile lesi sigameko, waveza ukuthi umgilwa uvule icala lokuphucwa imoto. Wathi amaphoyisa abe, eselandela umkhondo wabasolwa ngokuphazima kweso.
"Amaphoyisa ayalele abasolwa ukuthi bame. Abasolwa bakhetha ukudubula bebhekise emaphoyiseni, amaphoyisa abe esebuyisela. Ngesikhathi kudutshulwana, kube sekudubuleka umsolwa oyedwa washona. Omunye umsolwa uboshiwe. Abasolwa batholakale nezibhamu ezimbili," kuchaza uNetshiunda.