USAGCWELE AMATHAFA USOMATEKISI
KUTHUNGATHWA umshayeli obaleke ngemuva kokuthi kugingqike itekisi ebelithwele abafundi baseNkulisa izolo, eMount Moria, KwaMashu kwashona ingane eyodwa kwalimala ezingu 14.
Lokhu kuvezwe uNgqongqoshe wezokuThutha nokuHlaliswa KwaBantu KwaZulu-Natal uMnuz Siboniso Duma esitatimendeni esiphume namuhla.
UDuma uthi umshayeli waleli tekisi akazinikele emaphoyiseni ngokuphuthuma ngoba uyafuneka.
"Amaphoyisa omgwaqo azobuya naye lo mshayeli noma yinini uma elokhu esekubhaceni. Ngizwelana nemindeni yonke yabantwana abalimele kanye nomndeni womntwana osishiyile emhlabeni, " kusho uDuma.