USADIO MANE USETHI KHUMU KWI-AFCON


Lindokuhle Ngcobo 

USADIO Mane (33) ongumdlali weSenegal, ubedlala okokugcina kwi-Africa Cup of Nations (AFCON) izolo, ngesikhathi izwe lakhe lishaya iMorocco ngo 1-0 emdlalweni wamanqamu, ePrince Moulay Abdellah Stadium,  eRabat ezweni laseMorocco.

Lokhu kuqinisekiswe uMane emva kwalo mdlalo. 

"Ngeshwa bekuwumdlalo wami wokugcina Kwi-AFCON. Kwelandelalayo ngizobakhona njengendoda yesi 12, ngizokweseka iSenegal," kubeka uMane.

UMane unqobe umklomelo wokuba ngumdlali ovelele kulo mqhudelwano abewunqoba okwesibili, njengoba wawunqoba okokuqala ngonyaka ka 2021.

Lo mdlali oneminyaka engu 33 ubeyiqhawe elanda abadlali be-The Lions of Teranga ezindlini zokushintshela sebedube umdlalo. Abadlali be Senegal bayalelwe umqeqeshi wabo uPape Thiaw  ukuba badube umdlalo ngemuva kokuthi iMorocco ithole iphenathi ngomzuzu wokugcina. 

UThiaw uzwakale ethi, "Ngeke ngeke uphike igoli lami, ngesikhashana esincane usunikeza abantu esidlala nabo iphenathi,".

Nokho abadlali beSenegal babuyile enkundleni, u-Édouard Mendy waqopha umlando evimba iphenathi kaBrahim Diaz waseMorocco. 

I-The Lions of Teranga inqobe ngegoli likaPape Gueye alishaye ngesikhathi esengeziwe.