URAMAPHOSA UZOQINISA UMTHETHO KUBAQASHI ABAQASHA ABOKUFIKA ABANGENAMAPHEPHA
UMengameli wezwe uCyril Ramaphosa uthi uzoqina umthetho kubaqashi abaqasha abokufika abangenazimvume zokuba kuleli, uphinde waveza ukuthi ama ID kumbe omazisi sekuzoba ngabekhadi kuphela lo omunye oluhlaza ngeke usavumeleka njengoba bubuningi obugebengu obenzeka ngabo.
UJacinta Zuma weMarch and March uyamukelile inkulumo kamengameli. "Okuhle ukuthi kukhona asekwenza ngalesi simo, besekunesikhathi sinxusa ukuthi angenelele kulolu daba. Kodwa engingakusho ukuthi ongqongqoshe bakhe abamchazelanga kahle,"kuchaza umaZuma.
Uphethe ngokuthi kuyajabulisa ukuthi umengameli Ramaphosa useyazi ngama drugs, ukushushumbiswa kwabantu, nobugebengu nje obenziwa abokufika kuleli.