URAMAPHOSA UZOKHULUMA NESIZWE NGEZINSOLO EZIVEZWE UMKHWANAZI




LINDOKUHLE NGCOBO

IBHEKWE ngabomvu inkulumo kaMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa, okulindeleke ukuthi ayethule ngeSonto ngehora lesi-7 ebusuku. 

Kule nkulumo kubhekwe ukuthi uRamaphosa abhekane ngqo nezinsolo ezivezwe uKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLt General Nhlanhla Mkhwanazi ngeSonto mhlaka 6 July, esithangamini sabezindaba eThekwini. Ngesikhathi uMengameli uRamaphosa ehambele iBRICS summit eBrazil. 

UMkhwanazi waqopha umlando enekela izwe izinsolo zobugebengu zangaphakathi embuthweni wamaphoyisa. Kulezi zinsolo uMkhwanazi waphuma iqhulu noNgqongqoshe wamaphoyisa kuleli uMnuz Senzo Mchunu nePhini likaKhomishana wamaphoyisa Lt General Shadrack Sibiya. 

UMkhwanazi uveze amagama ongqondongqondo bobugebengu, abasola ngelithi basebenzisana noMchunu. Kubo okukhona umlisa waseNorth West u-Oupa "Brown" Mogotsi noVusumuzi "Cat" Matlala oboshwe ekuqaleni kwalo nyaka ngezinsolo zokubulala owayeyintombi yakhe uTebogo Thobejane, ngo 2023.

Kubhekwe ukuthi uRamaphosa aphumele obala ngezinyathelo ezizothathwa ngezinsolo ezivizwe uMkhwanazi, aphinde(Ramaphosa) abuyise isithunzi samaphoyisa.