URAMAPHOSA UXOSHE UNGQONGQOSHE OSOLWA NGAMANGA


SIZO BLOSE

Umengameli Cyril Ramaphosa usexoshe uNgqongqoshe weMfundo ePhakeme, uDkt Nobuhle Nkabane,  isikhala sakhe wasivala ngoButi Manamele obesehlale isikhathi eside eyiphini kulomnyango.

 Umengameli ube esevala isikhala sika Manamela ngowaye nguNdunankulu waKwaZulu-Natal uDr Nomusa Dube Ncube.

Besekucacela noma ngubani ukuthi uRamaphosa  kukhona azokwenza ngoNkabane. Kuzokhumbuleka ukuthi bekumele ahambe nePhini likaMengameli wezwe uPaul Mashatile baye eChina kodwa umengameli wamcela ukuthi angahambi.
Ngesikhathi umengameli enenkulumo ayibhekise esizweni ngeSonto. Iningi lazitshela ukuthi uzoshintsha ikhabhinethi kanti uNkabane ngeke asale ngaphandle kodwa wagcina eyiqedile inkulumo engashongo lutho ngaye.
UNkabane usolwa ngokuqamba amanga ePhalamede nodaba lozihlalo bama Seta, nokwaze kwaqokwa nendodana kaNgqongqoshe Gwede Mantashe njengomunye wozihlalo, kodwa kwabuye kwahoxiswa lokho.