URAMAPHOSA UVEZA UKUNENGEKA KWAKHE NGOTRUMP


Umengameli Cyril Ramaphosa uthi ngeke iNingizimu Afrika isatshiswe yiMelika.

 UDonald Trump ongumengameli waseMelika usanda kuthi amazwe ahambele iG20 kuleli, kumele angakusho lokhu avumelane ngakho noma azibophezele ngakho ngemuva kwe ngqungquthela yezinsuku ezimbili ebanjelwe eGoli.

Kulonyaka lengqungquthela isingethwe iNingizimu Afrika, kuyaqala ukuthi ibanjelwe ezwenikazi lase Afrika.

Ekhuluma ngaphambi kokuthi iqale lengqungquthela yezinsuku ezimbili, uRamaphosa uthe ngeke badlale uTrump bona. Kuzokhumbuleka ukuthi iMelika ngeke ithumele muntu ozoyimele. UTrump usamile ekutheni kulelizwe kubulawa abalimi abamhlophe. URamaphosa uke wazama ukuyoxoxisana noTrump ukuthi ayikho leyonto. Kodwa kuyacaca ukuthi kwangena ngapha kwaphuma ngapha kuyena. 
Ingqungquthela elandelayo izosingathwa yizwe laseMelika.