URAMAPHOSA UVAKASHELE UMENGAMELI WASE ZIMBABWE


UMENGAMELI wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa uthathe uhambo oluyimfihlo  lokuvakashela eZimbabwe, izolo. Lapho ehlangane (uRamaphosa) khona noMengameli waseZimbabwe uMnuz Emmerson Mnangagwa, epulazini lakhe (Mnangagwa) iPrecabe Farm,  eKwekwe, esifundazweni iMidlanda.

Kuvela ukuthi lo mhlangano ubhekwa njengowobungani nokuqinisa ubudlwane bezolimi phakathi kweNingizimu Afrika neZimbabwe.

Nakuba kukhona ukungabaza okuningi, njengoba lolu hambo luqondane nesikhathi, lapho iZanu PF ibhekene nezingcindezi zezombusazwe ezimayelana ne-Constitutional Amendment Bill Number 3(CAB3).

Kuvakashwe kuleli ipulazi nabanye osomabhizinisi bakuleliya lizwe, abaphezulu okubalwa uMnuz Kuda Tagwirei no Paul Tungwarara.