URAMAPHOSA UTHI IZAKHAMUZI AZINGAZITHATHELI UMTHETHO EZANDLENI ZAWO
LINDOKUHLE NGCOBO
UMengameli uCyril Ramaphosa ugcizelele ukuthi izakhamizi zaseNingizimi Afrika akumele zithathe umthetho ngezandla zazo, ngoba umsebenzi wokubhekana nokufuduka okungekho emthethweni ungowezikhulu zikahulumeni kuphala.
URamaphosa usho lokhu emcimbini wokugubha usuku lwentsha eNasrec, eGoli namhlanje. Ekhuluma uRamaphosa uthe, abaseNingizimu Afrika akumele badukiswe ngomnqamulajuqu womhlaka-30 June 2026, obekwe iMarch and March ukuthi abantu bokufika abangenawo amaphepha abasemthethweni bahambe eNingizimu Afrika.
"Akekho umuntu waseNingizimu Afrika okumele athathe izinyathelo kunoma yimuphi umuntu ophuma kunoma yiliphi izwe lase-Afrika elingudadewethu. Lokho kuwumthwalo kahulumeni nezikhulu zikahulumeni. Ngakho-ke okushiwo ngomhlaka-30 June, ngokubona kwami, akusona neze isenzakalo esidingekayo ngoba sibhekene nezinselelo abantu bakithi ababhekene nazo. Futhi akumele sivumele abantu baseNingizimu Afrika ukuthi badukiswe, bakhohliswe yilabo abafuna ukudala ukungazinzi ezweni lethu. Ngeke sikuvumele lokho." kubeka uRamaphosa.