URAMAPHOSA USELUFAKE ENKANTOLO OLUTHINTA IPHALAPHALA
LINDOKUHLE NGCOBO
INkantolo ephakeme yaseWestern Cape isiqalile ukulalela isicelo esiphuthumayo sikaMengameli wezwe uMnuz uCyril Ramaphosa namhlanje.
UMengameli ufuna inqubo yePhalamende yokumangalela ngaye ngokusho kweSigaba 89 imiswe. Uthi lokhu kufanele kwenzeke kuze kuqedwe ukubuyekezwa kombiko wePhaneli Ezimele yeSigaba 89, ethole ukuthi unecala lokuphendula ngodaba lwasePhala Phala.
IKomiti Yokumangalela iphikisana nalokhu. Ithi umsebenzi wayo kufanele uqhubeke ngisho noma uRamaphosa ephikisana nombiko.
Icala lokucela umyalo wokumisa, i-interdict, lizolalelwa izinsuku ezimbili.