URAMAPHOSA UCELA I-ANC IFUNDE KOMASIPALA BE-DA
Umengameli we- ANC uCyril Ramaphosa, ukhale kakhulu ngokungenzi kahle koMasipala abaphethwe yi-ANC.
Ekhuluma nomasipala abaphethwe yile nhlangano lapho ebebehlangene khona eGauteng uthe, kushayisa ngamahloni okwenzeka komasipala be-ANC.
"Empeleni i-ANC iyona ephethe omasipala abaningi uma uyiqhathanisa neDA, kodwa uMncwaningi Mabhuku Jikelele, ngaso sonke isikhathi uthola ukuthi omasipala abaphethwe yi-ANC yibona kanye abangenzi kahle," kusho uRamaphosa ekhombisa ukunengeka ilesi simo.
Uthe mhlawumbe sekuyisikhathi sokuthi i-ANC ibuze kwiDA ukuthi yenza ngani ukuthi ithole umbiko wezimali ohlanzekile kunowe ANC.
Engeza ngokuthi sikhona isifundo esingafundwa yi-ANC kwiDA.