UQOKWE NJENGOMQEQESHI WE NYANGA OWE PIRATES
LINDOKUHLE NGCOBO
Umqeqeshi we-Orlando Pirates FC, u-Abdeslam Ouaddou, ukhonjwe njengomqeqeshi ovelele wenyanga ka-August kwiBetway Premiership. Lokhu kulandela irekhodi elihle lapho eholele khona eZimnyama emidlalweni emine yeligi yokuqala wehlula izitha emidlalweni emithathu, kwathi owodwa waphela ngokulingana. Lo mklomelo ukhombisa ukuzinza okuqhubekayo kwe-Pirates ngaphansi kwalo mqeqeshi waseMorocco.
Umgadli we-AmaZulu FC Thandolwenkosi Ngwenya waseZimbabwe, uqokwe njengomdlali ovelele wenyanga ka-August. Lo mgadli oneminyaka engu-23 ushaye amagoli amahlanu emidlalweni emine nje kuphela, okuyikhona okusize Usuthu ukuthi luhlale endaweni yesine kwi-log yeligi njengamanje.
UBrayan León ongumgadli weMamelodi Sundowns FC, uthole umklomelo wegoli elihle lenyanga (Goal of the Month). ULeón uthole lolu dumo ngenxa yegoli lakhe eliyingqayizivele alishaya ngesikhathi i-Sundowns ibhaxabula AmaZulu ngo 5-2, eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli ngenyanga edlule.