UPHELE NGE DRAW OWE CHIEFS NE DOWNS
SIZO BLOSE
Umdlalo obewubhekwe ngabomvu, phakathi kwe Kaizer Chiefs neMamelodi Sundowns, ugcine uphela kuwu 0-0.
Lomdlalo kade ubanjelwe eFNB Stadium, izolo ebusuku. Kuke kwathi ukuthatha isikhathi ukuthi uqale ngenxa yokuthi abantu bebesangena enkundleni. Okwenze waqala ngemuva kwemizuzu engu 15.
Bekugcwele kuthe phama, kunabathandi bebhola abangaphezulu kuka 74 000 abebezozibonela lendumezulu yomdlalo.
IChiefs yenze konke, njengoba ikade iwuphethe lomdlalo kusukela esiwombeni sokuqala kodwa kwala wona amagoli. Kanti neSundowns beyingazibekile phansi. Lo mdlalo bewungawinwa nanoma iliphi iqembu.
IChiefs iqhubekile nokungadliwa, njengoba selokhu kuqale iseason ingakaze ishawe, okuwudaba olufanayo nolweSundowns.