UPHAKELA UCELA UKUNIKELELWA NGEMALI


LINDOKUHLE NGCOBO 

Umholi wenhlangano engenzi nzuzo, i-Insizwa Nobunsizwa Development Foundation, uMnuz Nkosikhona "Phakelumthakathi" Ndabandaba, uphume ngezinyawo wacela umphakathi waseNingizimu Afrika ukuba ufake isandla ngezimali zokuxhasa imisebenzi yale nhlangano.

UNdabandaba udalule lokhu namhlanje ngesikhathi ehambele eDinuzulu Park, eThekwini. Kule ndawo, amalungu enhlangano yakhe aqhuba khona umsebenzi wokuhlanza indawo ehlala abantu abangenawo amakhaya, kanti baphinde babagunda izinwele.

Ekhuluma uNdabandaba uthi kuyabonaka ukuthi uhulumeni akathandi ukusebenza.

"Kulabo ababona sengathi njengoba sicela le mali mhlawumbe sizama ukuzicebisa thina noma sizama ukwenzela izingane zethu okuthile, bangayifaki imali bavale imilomo, bavale amaphakethe abo, kodwa iSouth Africa siyacela ukuthi isize," kuchaza uNdabandaba.

Ephetha uveze ukuthi inhlangano inezinhlelo zokwakha isikhungo esizohlala abantu abangenawo amakhaya.