UPETROL UNYUKA NGO 29 CENT ILITRE


Njengoba kuqala amaholidi kaDecember nje, afika kabi kubashayeli bezimoto njengoba kuzomele ukuthi bangene kakhulu ephaketheni.

UMnyango wezokuMbiwa ngaphansi kukaNgqongqoshe uGwede Mantashe, sewumemezele ukuthi, phakathi kwamabili uPetrol uzonyuka ngo 29 cent ilitre.

Kodwa ke kuphinde kuvele ukuthi ababhonasile bangacishe bangakuzweli lokhu kwenyuka kuka petrol njengoba bebhonasile.