UNYAZI LUTHETHELELE INDLULAMITHI


INkosi yamaNazaretha aseBuhleni, uMduduzi "Nyazi lweZulu" Shembe, isithethelele iSilo samaBandla, uMisuzulu kaZwelithini, naphezu kokuthi iSilo sikhulume kabi ngamaNazaretha.

Lokhu kwenzeka ngemva kokusabalala kwevidiyo yeNgonyama ezinkundleni zokuxhumana. Lapho iSilo sibe nengxabano noNdlunkulu uNomzamo uMaMyeni Zulu okhonza eNazeratha ohlangothini laseBuhleni.

Kuleso sigameko iSilo sikhulume kabi ngeNkosi uNyazi Lwezulu. Nokho uNyazi lweZulu litshele abazalwa ukuthi mabayeke ukukhuluma ngaleyo vidiyo, ngesikhathi lumushayela eBuhleni, eNanda namhlanje.

“Iyekeni lento ngoba oKaNdaba ubemayile. Kuthe uma esemayile wayesebhodla kabi, kwehlela kabi kumaNazaretha kodwa ubemayile. Kunganani nina eningithuka imihla namalanga ningadakiwe. Mina nje ngiyamthethelela oKaNdaba ngoba nani nginithethelela,” kusho uShembe.