UNYAKA KA 13 KWABULAWA ABANTU EMARIKANA KODWA UBULUNGISWA DO
Ikhala ngokunganakwa imindeni eyabulawelwa izihlobo zayo eMarikana. Kanti futhi ikhala nangezithembiso ezenziwa uhulumeni ezingakaze zifezekiswe.
Lona unyaka ka 13 kwabulawa abasebenzi basezimayini eMarikana, eNorth West.
Lesi sehlakalo sashiya wonke umuntu eshaqekile.
Amaphoyisa avele avulela ngenhlambi kubantu ababekhala ngokunyuselwa amaholo ngo R12.5.
Lesi sehlakalo esashiya kukhalwa saholela ekutheni uMengameli wangaleso sikhathi uMnuz Jacob Zuma asungule iKhomishana eyayiholwa iJaji eselathatha umhlalaphansi, uJaji Farlam.
Akukho okutheni okweza nale khomishina okwagcini kufakaza ngisho no Mengameli Cyril Ramaphosa ngeqhaza alibamba nelaholela ekufeni kwabantu.
Ngokujwayelekile kuyaye kube nemigubho yokukhumbula labo abasala enkundleni, iholwa i-Amcu nakulonyaka ukhona umgubho ozoba khona.