UNTULI UTHI ABOKUFIKA ABANGENAWO AMAPHEPHA KUMELE BAHAMBE KULELI



LINDOKUHLE NGCOBO

UNdunankulu waKwaZulu-Natal (KZN) uMnuz Thamsanqa Ntuli, ugcizelele ukuthi abantu bokufika abahlala esifundazweni ngaphandle kwezimvumo ezisemthethweni kumele babuyele emazweni abo.

UNtuli ukusho lokhu namhlanje ngesikhathi ehlangene neKhomishana yeNhlangano yeZizwe eMelene neMalungelo Abantu Ababalekela Amazwe Abo i-UNHCR, e-The Marine Buildings eThekwini.

Lo mhlangano uze ngemuva kokukhathazeka okukhulu okuvezwe yi-UNHCR mayelana nokuphepha kwabokufika. Lokhu kulandela isimemezelo senhlangano i-March and March eholwa uJacinta Ngobese Zuma, esinikeze abokufika abangenawo amaphepha umnqamulajuqu wamhlaka -30 June 2026 wokuba sebephumile eNingizimu Afrika.

"Yize senza yonke imizamo yokuqinisekisa ukuthi wonke umuntu osesifundazweni sethu uphathwa ngenhlonipho nokuthi ukuzinza kuyaqikelelwa, sigcizelela ukuthi labo abakhona lapha ngaphandle kwezimvumo kumele babuyele emazweni abo. Alikho izwe elivumela abantu abaphula umthetho walo wokufika," kusho uNtuli.

Uqhube wathi uhulumeni wesifundazwe useqalile izinhlelo zokuxoxisana nemiphakathi ekhathazekile ngokuba khona kwabokufika. Lezi zingxoxo zizobandakanya namahhovisi amele abokufika ngenhloso yokusiza labo abafisa ukubuyela emakhaya abo ngokuzithandela.