UNTULI UNXUSA UMPHAKATHI UVIKELE ISIKHUNGO SEZOBUCHWEPHESHE



LINDOKUHLE NGCOBO

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal(KZN) uMnuz Thamsanqa Ntuli unxuse   ukuthi usebenze ngokubambisana ukuvikela isikhungo sezobuchwepheshe iVumanhlamvu Digital Centre. 

Lesi sikhungo sivulwe ngokusemthethweni kanye nohlelo olwaziwa nge- Adopt School Entrepreneurship Program ehholo lomphakathi eVumanhlamvu, eNkanda izolo. Lokhu kuvulwa  ngokusemthethweni kwale ndawo kwenziwe uNdunankulu ehambisana noNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho ezokuVakasha nokoNgiwa kweMvelo uMfu Musa Zondi ngokubambisana neMoses Kotana Research Institute, i-Durban University of Technology's Innobiz Centre noMasipala waseNkandla. 

Ekhuluma uNtuli uthe lesi sikhungo siyisiqalo esisha emphakathini waseVumanhlamvu namaphethelo. Wathi umphakathi kumele kube iwona ovikela izinsiza ezikule ndawo.

"Lana kuzontshontsha izingane zethu, phela ubugebengu endaweni akusuki umuntu wakude ongazi nokuthi kukhonani kuleyo ndawo ezokwenza ubugebengu, kwenziwa izingane zethu esizikhulisile nesizifuyile endaweni. Manje kufuneka sibe nomuzwa wokuthanda indawo yethu, ukuthanda ikusasa lezingane zethu, " kuchaza uNtuli. 

UMfu Zondi uveze ukuthi kumqoka ukufukula umnotho ngobuchwepheshe besimanje, ezeseka ngelithi abantu abasha iwona mkhakha abawazi kakhulu.