UNTULI UNXUSA ABAZALI UKUTHI BANGAYAMUKELI IMALI YENHLAWULO
LINDOKUHLE NGCOBO
KUNXUSWA abazali ukuthi bangayamukeli inhlawulo yabantu besilisa abakhulelisa izingane zamantombazane.
Lesi sexwayiso sikhishwe uNdunankulu waKwaZulu-Natal(KZN) uMnuz Thamsanqa Ntuli namuhla emcimbini wokwethulwa ngokusemthethweni kohlelo oluvimba ukukhulelwa kwamantombazane asemancane endaweni, Ugu Sport and Leisure, ePort Shepstone.
Ekhuluma namalunga omphakathi abehambele lo mcimbi uNtuli uthe, ukuya ocansini nengane eneminyaka engu-17 kuyaye kubizwe ngokudlwengula.
"Ngicela abazali bangayithathi inhlawulo yenkomo noma yemali yomuntu wesilisa okhulelise ingane encane. Ngicela abazali bayeke ukwesula amacala abasuke bewavulele abantu abalala nezingane ezincane," esho.
Lolu hlelo lwethulwa nje, mhlaka 25 December 2024 uNtuli noNgqongqoshe wezeMpilo eKZN uNksz Nomagugu Simelane-Mngadi bafica umama oneminyaka engu-11 ubudala esibhedlela, ngesikhathi beyobona abazali abathola izingane ngokhisimuzi.