UNTULI UKHUTHAZA ABALWA NOBUGEBENGU
LINDOKUHLE NGCOBO
UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, utshele izinhlaka ezilwa nobugebengu kuMasipala uMfolozi ukuthi kumele zisebenze ngokubambisana ukulwa nobugebengu kule ndawo.
Lo mholi ukhulume kanje ngesikhathi enomhlangano nezinhlaka ezivele kumawadi angu-18 angaphansi kwalo Masipala namuhla eMbonambi Town Hall, KwaMbonambi.
Ngemuva kwalo mhlangano uNtuli uzodlulela kwiMbizo yokulwa nobugebengu esenkundleni yezemidlalo Inkosi Mangosuthu Sports Ground, KwesakwaMthethwa kuwadi 8. Le wadi isibe nezigameko ezingu-12 zokubulwa kwabantu besifazane ngesihluku.